UNathi Mankayi uzokwengeza usuku lwesibili emcimbini wakhe waseThekwini

Ilanga News | 23.08.2026 17:20
Lo mculi unomjikelezo womculo obizwa ngeBuyelekhya Tour evakashela amadolobha ahlukene, osekusele kuwo iTheku ne-East London. Uthi naye akanayo incazelo yokuthi kungani abantu besawuthokozela ngale ndlela umculo wakhe futhi beqhubeka nokumeseka zikhathi zonke. “Ngisadidekile nami, ngiyazibuza ukuthi yini abantu bangithande kangaka. Ngibonga uThixo nokwesekwa ngabathandi bomculo wami, kunzima ukuchaza indlela izinto ezenzeka ngayo kodwa kukho konke ngizizwa ngithobeka,” esho.