Ungoti ucacisa ngomgcagco weSilo noMaMyeni

Ilanga News | 11.11.2025 13:31
Lokhu kushiwo nguSolwazi uJabulani Maphalala – ongungoti wesiZulu – ngesikhathi ecacisa ngomgcagco weSilo obusesigodlweni KwaKhangelamankengane, ngeSonto. UMaphalala uphawule ngalokhu emuva kokudideka kwabaningi ngenxa yezinkulumo ebese zisabalele, zithi njengoba uMaMyeni kunguyena inkosikazi yokuqala ukugcagca ngokwesintu neMbube, futhi wangeniswa nasesibayeni, lokho kusho ukuthi sekunguyena uNdlunkulu wokuqala weSilo.