Wenqabe ukushuthwa obhekene nelokubulala unina wengane yakhe

Ilanga News | 26.08.2026 16:33
UMnu Sibonelo Gumede (29) ubhekene necala lokubulala unina wengane yakhe uNkz Nokuphila Mbhele (29). Ekuqaleni uGumede wayevumile ukushuthwa, kodwa kulokhu ushaye ingqimphothwe, esethi akasafuni ukushuthwa.