Kusolwa amaphoyisa ngokuhudula izinyawo kwelokudlwengulwa kwengane (3)

Ilanga News | 01.03.2026 14:24
UFUNA ubulungiswa umndeni wentombazanyana (3), yaKwaQiko, eMzinto, okusolwa ukuthi idlwe-ngulwe ngumakhelwane ngomhla ka-4 kuNhlolanja (February) no-nyaka okuthiwa uyachanasa, yize udaba lubikiwe emaphoyiseni.
Kubikwa ukuthi ingane iqede ukunukubezwa yanikwa uswidi, kwathiwa ingabikeli muntu ngo-kwenzeke kuyona.
ILANGA likhulume nonina wesisulu (29) (esiligodlile igama lakhe ukusivikela), oveze ukuthi ingane yehlelwe yilo mshophi ngemuva kokuba yayihambe no-mama ongumakhelwane wabo, iyova-kasha emzini wakhe.