Kugujwa iminyaka ey-100 yesibhedlela sase-Appelsbosch

Ilanga News | 17.09.2026 17:58
Umcimbi uzoba kusona lesi sibhedlela, esingaphansi kukaMasipala waseMshwathi, ngeSonto lomhlaka 20, kuMandulo (September). AmaLuthela, ayesuka eSwidi (Sweden), afika oZwathini, ezoshuyamela ivangeli, ngo-1886. Amakhosi ayephila ngaleso sikhathi, endaweni, awanika lawo maLuthela, indawo akha indlu yesonto, negumbi elolidwa lokufundela.