ElikaBester noMagudumana lizoqala ukuqulwa ngonyaka ozayo

Ilanga News | 28.08.2026 17:59
Bonke laba basolwa babhekene necala lukulekela uBester ngokweqa ejele laseMangaung ngo-2022. Imibiko iveza ukuthi ngo-2022, uBester owayedonsa isigwebo sikadilikajele, wahlela ukweqa esebenzisana nezisebenzi zejele ayegcinwe kulo. Kuthiwa babe sebethola isidumbu sowesilisa, abasifaka lapho okwakugcinwe khona uBester bese bashisa, nesidumbu sasha sangqongqa. Kwabe sekusabalala izindaba zokuthi uBester ushe washona ejele.