URamaphosa namaqhinga okulwa nokubulawa kwabesifazane

Ilanga News | 30.09.2026 01:27
URamaphosa uthule le nkulumo emva kokwanda kwezigameko zokubulawa kwabesifazane eKurhuleni. Ezintweni azibalile ukuthi bazozibhekisisa indaba yamacala angaxazululeki ngenxa yokungatholakali komkhondo, ukuphepha kwabesifazane, ukubheka izindawo eziyingozi nokuthi kusheshe kuphothulwe amacala okuhlukunyezwa kwabesifazane.