Kuzovulwa inxanxathela yezitolo eqanjwe ngoMntwana uMangosuthu
Ilanga News | 23.04.2026 19:32
ezoba seMpangeni, okulindeleke ivulwe ngomhla ka 29 April. Igabe ngezitolo ezinkulu zokudla, ezokugqoka nokunye okuningi okudingwa ngumphakathi.
Ikhuluma neLANGA inkosi ithe: “Igcagcele esokeni lezi izindaba ezimnandi emndenini wakwaButhelezi. Ngisho ubaba inkosi la ikhona ijabule. Sizizwa sithobekile njengomndeni ukuthi igama likababa lilokhu likhona zikhathi zonke phakathi kwethu. I-Afrika yonke iyawazi amagalelo akhe. Sibonga kakhulu naku, Meya uNgwezi ngokuvela nalo mbono. Esikhathini esiphambili izwe belihlokoma kube nomsindo uma kuthiwa khona isakhiwo esizoqanjwa ngaye ubaba. Ngisho umgwaqo omkhulukazi eMlazi, uMangosuthu Highway, bekuthiwa igama lakhe alisuswe. Sekukhombisile manje ukuthi igama lakhe liyohlala likhona ingunaphakade. Nalapho ekhona ngicabanga ukuthi uzojabula ikakhulukazi ngoba le nxanxathela iza namathuba omsebenzi kubantu abasha,” kwenaba iNkosi uZuzifa.