Kukhalwa ngamakhosi angayihambeli imikhosi yeSilo

Ilanga News | 25.02.2026 13:03
USIHLALO we-Ndlu yabaHoli boMdabu nama-Khoisan, KwaZu-lu-Natal, iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga, “iqhumise isitshwebhu”, isibheki-se emakhosini angayi uma kune-mikhosi yaseNdlunkulu, esinga-thwa yiSilo uMisuzulu.
INkosi uShinga, ibikhuluma eMkhosini waMaganu, obuseMachobeni, eNgwavuma, esiFundeni uMkhanyakude, ngoMgqibelo. INkosi yakwaNdelu (Shinga), ithe amakhosi ayingubo yokwembatha yeSilo, ngakho uma sinemikhosi, kufanele abekhona ayosizimazisa.Ithi kuwukungasihloniphi iSilo ukuthi uma senze imikhosi yesi-zwe, kube khona amakhosi angayi.
“Noma kuthiwa uyinkosi esesiFundeni aMajuba, noma useHarry Gwala, uma Omdala esingethe umkhosi, fika, ngoba wumkhosi wesizwe lona osuke wenziwa. Aba-ntu bazokhuthala kanjani ukuha-mbela imikhosi, uma amakhosi abaholayo engezi emikhosini?” kubuza iNkosi uShinga.