ICebolethu noMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nohlelo lokufukula osomabhizinisi abancane

Ilanga News | 23.02.2026 23:57
KUZOHLOMULA osomabhizinisi abancane ngobudlelwano benkampani iCebolethu Group noMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, kulandela isivumelwano sabo sokusebenzisana. Lokhu kuvele ngoMsombuluko, ngesikhathi isikhulu esiphezulu seCebolethu Group, uNkk Nomfundo Mcoyi-Zondo, noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho esifundazweni, uMfu Musa Zondi, bethule ngokusemthethweni uhlelo iEkasi Business Fair, oluba khona okokuqala elokishini lase-Hammarsdale ngomhlaka 6 no 7 kuMarch nonyaka. Ekhuluma uZondi, uveze ukuthi kuningi okuzozuzwa osomabhizinisi abancane kuloluhlelo.