Uqophe umlando eshadelwa ngamakhosikazi amathathu umkanye

Ilanga News | 07.05.2026 01:00
USHIYE abantu bengawuvali umlomo umhlengi (male nurse) wesibhedlela iKhombe ngesikhathi eshadelwa ngamakhosikazi amathathu ngosuku olulodwa. Abantu bebephume ngobuningi babo kulo mshado, beyoqinisekisa ukuthi uMnu Khayelihle Khoza ushadelwa ngamakhosikazi amathathu ngempela yini.