Wasebenzisa imoto yomfowabo owabulala unina wengane
Ilanga News | 01.03.2026 14:10
ILANGA lithole ukuthi uNkz Bongiwe Buthelezi udutshulwe wa-bulawa nonina, uNkz Dayisile Buthelezi, eNkanini, eBabanango, ngeSonto.
Kuthiwa bebesekhaya, endlini kukhona namanye amalungu omndeni, kodwa ekwamanye amagumbi. Kuthiwa ubulawa ngeSonto ntambama nje, bekulindeleke ukuba ngoLwesibili kuqale ukuqu-lwa kwecala lokudlwengula abelivulele owayeyisoka lakhe.