Isigcinamagugu saseNcome siwuphawu lokubuyisana

Ilanga News | 03.12.2025 20:28
INCOME wumfula ophakathi kwamadoloba iVryheid neNquthu, enyakatho yeKwaZulu-Natal. Ungaphansi kukaMasipala waseNquthu, ngokuklanywa kwemingcele. Umfula iNcome, isizalo sawo sisezintabeni zaseMadlangani (Utrecht), wona uphakela umfula omkhulu uMzinyathi.