Ayikho efuna ukugoba phakathi kukamasipala nabahlala ezitaladini zeTheku

Ilanga News | 08.03.2026 18:55
ISEYINZUKAZIKEYI njengokuphuma kwentombi emgonqweni, indaba yamaphara ahlala emgwaqweni osenkabeni yeTheku, uChe Guevera, obewaziwa ngokuthi uMoore Road phambilini, njengoba esekhuze ibuya kule ndawo kungakapheli namasonto ababili exoshiwe.