Abaculi be-jazz ekwakhiweni kwesikhwama sokulekelela isikole

Ilanga News | 29.04.2026 19:46
KUCHUNGECHUNGE lwemigubho ye-jazz yaminyaka yonke, kulo nyaka iSagiya Foundation iqoqe izinkakha zalo mculo ukugubha lolusuku ngokunikela ingxenye yemali yalo mcimbi kwiSacred Heart Secondary School, oSindisweni, eVerulam. Ngomhla ka 02 May 2026 izinkakha zomculo weJazz zizoshiyelana inkundla emagcekeni aso lesi sikole.