IMadlanga ishaya amakhala ngencwadi kadokotela kaKhan

Ilanga News | 02.09.2026 19:02
IKHOMISHINI kaMadlanga ikhale ngokuthi incwadi kadokotela ethunyelwe nguMajor General Firoz Khan yokucela ukuthi kuhlehliswe ukulalelwa kobufakazi bakhe kuyona, ichitshiyelwe yafakwa nosuku oludala njengoba kunolunye oluvelayo njengoba isike yathunyelwa kwaSouth African Police Services (SAPS) ukuthi akakulungele ukuza emsebenzini.