Ukungahleleki kwama-designer kudicilela phansi isithunzi somkhakha wezemfashini

Ilanga News | 18.01.2026 14:27
UKUGILWA ngumsiki wengqephu ngosuku lomcimbi sekuwumkhuba osewuze wajwayeleka nakuba uyisihlava esibi njengoba lowo osuke efake isicelo sokuthungelwa egcina esempampatheka, engazi ukuthi kufanele athathe ini ayihlanganise nani.
Njengoba bekungamaholidi kaZibandlela (December) nemicimbi beyithe chithi saka, abantu bebethungisa okokugqoka ngenhloso yokuhlonipha izimemo. Kwabanye lokhu kakwenzekanga ngoba bagilwe ngababathungelayo. UThembeka Ngubane uthi akakholwanga ngesikhathi efonela usisi obekumele amthungele ingubo yokushintsha yomshado, emtshela ukuthi usemakhaya.
“Bengilokhu ngimfonela kwaze kwashaya uLwesine engiziba, abuye enze nezethembiso ezingekho, ethi uzobuya emakhaya. Ngaphoqeleka ukuyothungisa komunye, kumanje ngimlandelela ukuthi abuyise imali yami,” echaza nokuthi wamthola enkundleni yezokuxhumana iTik Tok, wabe esemtshela ukuthi usebenzela emgwaqweni uBotanic, eThekwini.