UMENGAMELI we-ANC Youth League (ANCYL), uMnuz Collen Malatji uthi into eyenza i-ANC ithwale kanzima esifundazweni iKwaZulu-Natal wukuthi abantu bakhona bavota ngokobuhlanga.
UMalatji uthe ukuvota kwabantu baKwaZulu-Natal ngokobuhlanga kwenza ukuthi i-ANC yenze kahle kulesifundazwe ngesikhathi isaholwa owayenguMengameli, uJacob Zuma ongowaKwaZulu-Natal.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma kwisithangami nabezindaba.
Uthe wumkhuba omdala lona wokuvota ngokobuhlanga KwaZulu-Natal.
“Lomkhuba wawuvele ukhona nangaphambi kokhetho lwango-1994. Uma ubuka indlela abavota ngayo abantu baKwaZulu-Natal, uzokuqaphela ukuthi kwenyuka ukwesekwa kwe-ANC ngesikhathi iholwa ilona waseNkandla, kwase kuyehla ngesikhathi sekuphethe uMengameli uRamaphosa (Cyril). Lena indlela abantu baKwaZulu-Natal abavota ngayo.”
“Ingcabha isele kubaholi ukuba bafundise abantu baKwaZulu-Natal ngepolitiki.
“Kufanele batshelwe ukuthi lapha asakhi amaqoqo ezinhlanga ezithile, kodwa sakha izwe. Sifuna izwe elihlanganisa bonke abantu,” kusho uMalatji.
Ngonyaka owedlule i-ANC yajuba abaholi bayo abaqavile baKwaZulu-Natal, okukhona kubo uDkt Zweli Mkhize, Dkt Nkosazana Dlamini Zuma, oMnuz Sihle Zikalala, Senzo Mchunu noMike Mabuyakhulu ukuba bazoqinisa umkhankaso wokhetho.
UMalatji uthe banethemba lokuthi bazokwazi ukunqoba iKwaZulu-Natal.
“Sisanda kujuba izingwevu eziqhamuka KwaZulu-Natal ukuba ziyokhankasa. Umkhankaso wethu uhamba kahle kakhulu, kufanele sisebenze kanzima kule ndawo.
“Silahlekelwe inqwaba yomasipala KwaZulu-Natal ngesikhathi kunokhetho lohulumeni basekhaya olwedlule.
“Nathi kufanele sizinuke amakhwapha ngokulahlekelwa eminye yalemikhandlu. Abanye abantu esabajuba kulemikhandlu babelele emisebenzini, babengazihambisi izidingo kubantu.
“Abantu ngeke baqhubeke nokuvotela abantu abangabasizi ngalutho. I-ANC kufanele ijube abantu abazimisele ngokwenza umsebenzi,” esho.
Uthe bazoqhubeka nokulwela abantu abasha kanti ukunqumela kwabo ongqongqoshe abahlukene ugwayi katiki, sekuqalile ukwenza umehluko.
Ubalule kakhulu uNgqongqoshe wezabaSebenzi, uMnuz Thulasi Nxesi noweMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande.
Uthe selokhu banqumela uNxesi ugwayi katiki, umnyango usuqalile ukudala amathuba emisebenzi.
Uveze nokuthi kusizile nokuhlangabezana kukaNzimande nezimfuno zabo zokuhlakazwa kwebhodi lesikhwama esixhasa abafundi ngemali ezikhungweni zemfundo ephakeme, iNsfas.
Uphethe ngokuthi kuyabajabulisa nokuthi sekuyophela inyanga ugesi ungacishwa.