Amadlelandawonye kaKhongolose afanise abantu baKwaZulu-Natal njengentibane ngokukhohlwa kalula imisebenzi kahulumeni oholwa i-ANC abenzele yona njengoba kubhekwe okhethweni.
Lokhu kuvele ngesikhathi kunesikhumbuzo somholi weSACP uMnuz Chris Hani ebesiseZicole, eNquthu muva nje.
Umholi weSACP esiFundeni Inkosi Bhambatha uMnuz Lucky Moloi uthe abantu bakhohlwa uKhongolose ngoba babemdinelwe baze bayovotela Inkatha ngo-2021.
"Abantu basidinelwa lapha eNquthu babuyela eGibhithe futhi angazi nokuthi ibizwa ngani lento ababuyela kuyo ngoba neGibhithe lingcono," kusho uMoloi.
Ngakolunye uhlangothi, umholi weSanco uMnuz Joe Sikhakhane uthe okubi ukuthi i-ANC kusadingeka ichazele ngisho abantu abahlala ezindlini zomxhaso ukuthi yini eyenziwe uhulumeni.
"Empeleni i-ANC akufanele ngabe iyakhankasa ikakhulukazi kubantu abahlala ezindlini zomxhaso. Nokho okubuhlungu ubafica bethi lo hulumeni akabenzeli lutho kodwa basho nje bahleli endlini abangazi nokuthi malini usimende wokuyakha, nesitina. Iqiniso nje ukuthi abantu bakhohlwa kalula njengesilwane okuthiwa intibane. Ubezwa sebethi bayovotela Inkatha kodwa awazi kanjani njengoba yehluleka kudala," kusho uSikhakhane.
Umholi wentsha yamaKhomanisi KwaZulu-Natal, uMnuz Sandile Dayi, uthe abantu kumele bazi ukuthi uma iDA neMK Party ne-ActionSA bethatha izwe bayovala imali yezibonelelo zezingane nezimpesheni kanye nekaNSFAS.
Uqhube wathi la maqembu ahamba indlela eyodwa kodwa baphelezela abantu abehlukene.