UJABULILE, wathi ubulungiswa uyabuthola kancane unina wowesifazane obekade eyinkosikazi yesosha odutshulwe washona ngoJanuwari 3, nonyaka, umsolwa enqatshelwa ibheyili.
INkantolo yeMantshi yasePinetown incishe ibheyili uMnuz Lwanda Zungu, osolwa ngokubulala inkosikazi yakhe uNkk, Tania Msane-Zungu (36).
UZungu unqatshelwe ibheyili yimantshi Gwendolyn Robinson ethe azikho izizathu ezinqala futhi ezingejwayelekile azibekile esicelweni sakhe sebheyili.
Icala libe selihlehliselwa uJuni 18, nonyaka, ukuze uMbuso uphothule uphenyo lwawo.
UNkk Gwena Msane, unina kaNkk Msane-Zungu (36), uthe: “Yize sijabulile kodwa ukwesaba ebekade sinakho akuphelile ngoba noma ngabe yini ayicabangayo (uZungu) ngeke ayenze ngezandla zakhe, uzothumela. Besingafuni ukuthi ayithole ibheyili.”
Uchaze ngesimo sabantwana bababafana balaba ababeganene, wathi bayamkhumbula unina wabo ngoba iminyaka yonke bebekade bephila naye.
Uqhube wathi laba bafana abakaze baphile noyise obekade esebenza kude ezintabeni embuthweni wezempi waseNingizimu Afrika.
“Bayamdinga umuntu ozoba nabo, bakhungathekile kakhulu, angifuni ukuqamba amanga kubi nje. Oyedwa esikoleni uyazama omunye akakhoni ukulandelela okwenzakalayo,” kuchaza uNkk Msane.
Imantshi ithe ngokubona kwayo, uZungu ubekade efuna ibheyili ukuze anakekele abantwana bakhe, aqhube imfundo yakhe futhi ubekhombisa ukukhathazeka ngesimo somqondo sentombazane yakhe.
Iqhube yathi uZungu wabuzwa uMbuso ngeqhaza alibamba ekwenzekeni kwesigameko kodwa akusho wathi konke kuyohlaluka uma sekuqulwa icala.
“Okwami akukhona ukwahluleka ukuthi unecala noma cha kodwa ukubheka izizathu ezinqala nezehlukile esicelweni sakhe sebheyili. UZungu waphika isidana ukuthi wambulala umkakhe. Inkantolo bekumele ikuqhathanise akushilo nokushiwo uMbuso,” kusho imantshi.
Imantshi ithe vele uZungu akasasebenzi futhi abukho ubufakazi abethulele inkantolo uma ethi uzoqala ibhizinisi.
Ithe isizathu esikhulu soMbuso, sokuthi uZungu anqatshelwe ibheyili, kumayelana nokuphepha kofakazi nokuthi uyabasabisa.
Enkantolo bekukhona amalungu ayo yomibili imindeni eganiselene engasabhekani.
Lokhu kuyaye kugqame nangokuhlala kwawo ngokwehlukana emabhentshini asenkantolo.
UZungu ubebukeka ezikhululekele njengenjwayelo futhi akakhombisanga kujabha encishwa ibheyili.