UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, uthi yize bezishaya isifuba ngokuthi kuningi abakushintshile eNingizimu Afrika njengeqembu kodwa kuningi okusasele.
UMtolo ubekhuluma ngesikhathi ekhankasa eFolweni, eThekwini, njengoba kusondela izinsuku zokhetho lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 29.
“Sikuqonda kahle njengo-ANC ukuthi umsebenzi wokushintsha iNingizimu Afrika usekhona, omkhulu osisalele ngoba uma ufika endaweni enjengakoBhambayi ko-ward 53 koMawoti, basekhona abasahlala emikhukhwini, abangenazo izindlu. Basekhona abantu abangakawatholi amathuba omsebenzi. Yikho ukuthi lokho esesikuzuzile kumele abantu baqhubeke bavotele i-ANC, ukwenzela ukuthi i-ANC iqhubeke nomsebenzi wokwenza impilo yabantu ibe ngcono ukuze nalaba esingakafiki kubo sigcine sifikile kubo ukushintsha impilo yabo,” kusho uMtolo.
Uthe KwaZulu-Natal bashintshe inqwaba yezikole zodaka kodwa ziningi futhi abangakafiki kuzo.
Uthe kusuka ngo-2004, kulesi sifundazwe bakhe imitholampilo engaphezu kuka-3 000 kodwa kusenezindawo abangakafiki kuzo.
“I-ANC kule ndawo engakakhiwa umtholampilo kuyo siyakwazi ukuletha umtholampilo ongumahamba-nendlwana.”